What is umhlume

Umuthi womhlume Mhlonyane Inhlaba Inkomfa Ugobho Nsukumbili Mwelela Bilise ufake ku 2lt uphuze half yenkomishi

Umhlume uyingozi ungavala inzalo ,izimpawu zomhlume ukulunywa ngaphansi ,ikhanda elingapheli isisu sigcwala umoya kungayeki kahle endlini encane kube sengathi usikekile emsinsileni kuba buhlungu uma uya endlini encane uyathelelana futhi unjalo. Ukuqeda umhlume is not posible kodwa ungawudambisa ngamaphilisi akadokotela kanye nezimbiza, izimbiza ezikwenzayo uku booster amasosha omzimba, kubalulekile nokuya kodokotela uthole amaphilisi ayawudambisa. ikhambi lomhluma kuba imbiza yomhlume ethakwa ifakwe uGobho umuthi, uhlunguhlungu umuthi , umhlambamanzi umuthi kanye namanye amakhambi amaningi emvelo.

Imfingo isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? Iyangena emithini yokubelethela. Umuthi wokuvala umkhokha. Intelezi yokuchela, umuthi wokususa isilwane. Umuthi wokubuyisa okutshontshiwe. Umuthi omayelana nabathakathi. Lomuthi uyathakwa kanye neminye imithi kwisibambelelo. Iyangena emithini yokuqeda uvalo olungapheli.
Umkhondweni isihlahla umsebenzi waso? sizochaza ukuthi lesihlahla senzani? uthakwa neminye imithi bese ufakwa emithini wokubuyisa okulahlekile, umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokufuna isikweletu, usetshenziswa emithini yemali. umuthi lona usetshenziswa ekwenzeni imithi yokuqeda uvalo olungapheli. usetshenziswa emithini yokuvula okuvaliwe. Uyaphalaza, uyageza, uyafutha.

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?